Litholwe lishonile iphoyisa elabulala
2013-01-18 08:03
Carnavon - Litholakale lishonile eCarnavon iphoyisa elabulala intombi yalo nomama wayo, kusho amaphoyisa aseNorthern Cape, kanti kukholakala ukuthi lizibulele.
UConstable Serame Mpolokeng ubefunelwa icala lokubulala intombi yakhe uZola Malleta, 24, nomama wayo uSara
Malleta, 54, kusho uLieutenant Olebogeng Tawana.
UMpolokeng wagwaza intombi yakhe amanxeba amaningi ngebhodlela ngoDisemba 13.
Wacela empunzini ngesikhathi kufika amaphoyisa endaweni yesehlakalo, intombi yaphuthunyiswa eCarnarvon
Hospital.
Wayilandela esibhedlela ngakusasa ivakashelwe ngumama wayo, wase ebadubula ebabulala bobabili.
Isidumbu sikaMopolokeng sitholakale ngoLwesine, kanti kukholakala ukuthi wazibulala.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA