Kuyanda ukudlwengulwa kwezalukazi

2013-02-26 14:04

Johannesburg - Kudlwengulwe owesifazane, 73, eGawu eMqanduli,  kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape ngoLwesibili.

UMajor Zamukulungisa Jozana uthe lesi salukazi sidlwengulwe ngeSonto ebusuku.

"Isisulu besilele sodwa ngesikhathi sibona indoda engaziwa isihlezi embhedeni waso.”

Indoda le ibe isinukubeza isalukazi izikhawu eziningi ngaphambi kokucela empunzini, kusho uJozana, kanti uthi akukaboshwa muntu.

Khonamanjalo, kudlwengulwe esinye isalukazi, 68, emzini waso eMfakathini, khona e-Eastern Cape.

Lesi sona sidlwengulwe ngoMsombuluko ebusuku silele sodwa.

Umsolwa ungene ngendlov’iyangena wasifuna nemali, kodwa sangayithola.

Umzukulu wesalukazi ube esezwa ukuxokozela wabiza omakhelwane, nababe sebejaha umsolwa, 32, bambamba.

Ube esebekwa icala lokudlwengula, kanti kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseMqanduli ngoLwesithathu.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 15-29°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 12-24°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-30°C More sun than clouds. Warm. PE: 14-30°C High level clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...