Kutholakale izidumbu zezingane efrijini

2013-01-28 08:11
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Zimkhalele owesifazane ngesikhathi kutholakala izidumbu ezimbili zezingane efrijini KwaMashu, enyakatho neTheku, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngeSonto.

Izidumbu zengane enezinyanga ezine ubudala nebisanda kuzalwa zitholwe efrijini zihleli nenyama yenkukhu nenye yokudliwa ngoMgqibelo, kusho okhulumela amaphoyisa uColonel Vincent Mdunge.

Kuthiwa lo wesifazane ubenamakhaza angekho emthethweni abizwa ngeMabinda Funeral Services.

"Inkampani yawa yase iyadliwa, kodwa lo wesifazane kuthiwa ubelokhu eqhubeka nokwamukela izidumbu."

Amaphoyisa alunywe indlebe yizakhamuzi kwase kuyaphenywa.

Lona wesifazane ube eseyaboshwa wabekwa icala lokwephula umthetho iHuman Tissue Act.

Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngoMsombuluko.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 10-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-17°C Sunny. Mild. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 17-24°C Rain late. Morning clouds. Mild. PE: 12-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...