Kungase kuvalwe imigwaqo eThekwini

2012-12-25 09:36

Durban - Njengoba izinkulungwane zabantu zizotheleka emabhishi aseThekwini, izikhulu zomkhandlu zixwayise ngokuthi kungase kube khona imigwaqo evalwayo ngokuhamba kosuku, kubika iNewswatch.

Okhulumela amaphoyisa kamasipala u-Eugene Msomi uthe kwadingeka ukuthi bavale imigwaqo eminingi ngonyaka odlule ngenxa yomthamo omkhulu wabantu ababevakashele emabhishi.

Uthe bazoqala ngokuhlola ukuthi abantu bangakanani ngaphambi kokuvala imigwaqo.

Imigwaqo engase ithintkeke kubalwa iMahatma Gandhi Road, Sylvester Ntuli Road nePixley Ka Seme Street.

UMsomi uthi kuzovunyelwa labo abanezimvume kuphela ukuthi bapake izimoto ebhishi.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Morning clouds. Mild. Pta: 10-20°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 6-15°C Breaks of sun late. Cool. Bloem: 8-18°C Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 14-22°C More sun than clouds. Cool. PE: 10-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...