Kulindelwe izinkumbi emgubhweni we-ANC eThekwini
2013-01-09 15:03
Durban - Iqembu i-African National Congress lilindele ukuthi kube khona abantu abangaphezu kuka-70 000, emgubhweni weminyaka engu-101, kwasungulwa iqembu.
Umgubho lona uzobanjelwa eThekwini ngempelasonto.
UNobhala Jikelele weqembu uGwede Mantashe uthe kuhlelwe amabhasi angu-1120, amatekisi angu-670 kanye nezitimela eziyisishiyagalombili, konke okuzothutha abantu ababalwelwa ku-16 000, abazokwethamela umgubho eKings Park Stadium.
Ekhuluma esithangamini sezindaba eThekwini, uthe: "Silindele ukuthi kugcwale phama.”
UMengameli uJacob Zuma, kulindeleke ukuthi ethule inkulumo yakhe yaminyaka yonke, eyethulwa uma kuqala unyaka.
Bonke ubuholi obusha beqembu buzohlangana eThekwini, ukulungiselela lo mgubho.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).