Kuboshwe 187 embhikishweni waseSasolburg

2013-01-22 08:34
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Amaphoyisa abophe abantu abangu-187 ngesikhathi kunesiteleka lapho izakhamuzi zilwisana khona nokufakwa ngaphansi komunye umasipala eSasolburg, kusho amaphoyisa aseFree State ngoLwesibili ekuseni.

UConstable Peter Kareli uthe leli yinani labantu asebeboshiwe kusukela kuqale lo mbhikisho ngeSonto.

Akubikwanga zigameko ngoMsombuluko ebusuku njengoba amaphoyisa esiqaphe ngeso lokhozi isimo.

Izakhamuzi zimelene nezinhlelo zokuhlanganisa iSasolburg noMasipala waseNgwathe, nongaphansi kwaseParys.

NgoMsombuluko, ababhikishi bashise amaloli amabili kwalimala namaphoyisa amabili ngesikhathi bewahlasela emotweni yawo, nebibhajwe odakeni.

Kusetshenziswe izinhlamvu zenjoloba ukuhlakaza isixuku.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 10-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-17°C Sunny. Mild. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 15-22°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Cool. PE: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...