Izikhukhula zidale umonakalo eLimpopo naseKZN

2013-01-21 07:46

Johannesburg - Kushone izingane ezintathu ezigamekweni ezehlukene ngesikhathi kudilika imizi yasemakubo ngenxa yezimvula ezinkulu eLimpopo ngempelasonto, kusho izikhulu.

Okhulumela uMasipala iVhembe District uMatodzi Mulaudzi uthe ithimba lezinhlekelele kulo masipala lithole umbiko wokushona kwabafana ababili nentombazane ngeSonto ekuseni.

Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uColonel Leonard Hlathi uthe kushone abantu abathathu ngesikhathi umbani ushaya umuzi ePiet Retief ngesikhathi kunesiphepho ngoMgqibelo ekuseni.

Okhulumela uhulumeni waKwaZulu-Natal uLennox Mabaso uthe kudingeke ukuthi kuvalwe eminye imigwaqo ngoMgqibelo ngemuva kokuthi imvula ine kakhulu enyakatho nesifundazwe.

“Ithimba lezinhlekelele lithunyelwe eMpangeni ukuba liyokhuculula imigwaqo," kusho uMabaso.

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Partly cloudy. Cool. Pta: 19-30°C a few showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 15-24°C Scattered showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 17-28°C Showers early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 19-32°C Decreasing cloudiness. Warm. PE: 16-24°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...