Izigebengu zidlalise ingane ebikhala
2012-12-28 09:00
Durban - Umndeni waseBotha’s Hill awukholwanga ngesikhathi kugqekezwa umuzi wawo yizigelekeqe ebezihlomile, nokuthe uma ingane enezinyanga eziyisithupha ikhala zayidlalisa, kubika iThe Mercury.
Kwakungo-06:00 ngoLwesithathu ngesikhathu uKate
Robertson ezwa umyeni wakhe uRoss ememeza ekhishini.
Wayeyokhipha udoti ngesikhathi uKate esele nosana lwabo embhedeni.
Indodakazi yabo, 2, u-Emma, yayilele ekamelweni layo.
UKate wabe esephuthuma ekhishini, wazithela phezu kwezigebengu ezinhlanu ezamkhomba ngesibhamu, zamtshela ukuthi ngeke zibalimaze.
Yathi indodakazi yabo uma ikhala, esinye sezigebengu saphelezela uKate ukuba ayoyithulisa.
Kwathi sekukhala usana isigebengu sahamba sayoluthatha saludlalisa, lizama ukuthi luhleke.
"Lokhu kwasethusa kakhulu, kodwa sibonga ukuthi abasilimazanga yize bahamba nezinto zethu ezibizayo."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24