Iphoyisa laseKapa liyiqhathe kuFacebook - Uphenyo

2013-01-09 13:02

Cape Town - UMasipala waseWitzenberg, eWestern Cape, uphenya ngezinsolo ezithi iphoyisa kulo masipala, libhale kuFacebook lithi akuliwe nabalimi basesifundazweni, kusho umbiko wephephandaba iThe Star.

Inhlangano iCensorBugbear.org, okuyinhlangano ethi kubulawa abantu abangamabhunu, yiyo esabalalise umbhalo waleli phoyisa.

Umbhalo wephoyisa obungesiBhunu, uthi: “Kubukeka sengathi kuzomele siphinde sithathe ama-AK47 siwasebenzise kuleWestern Cape. Ngikhathele abalimi neDA".

Umbhalo uqhubeke wathi: "Laba balimi bayazi ukuthi ngobani abaholi bethu futhi bayazi ukuthi lempi ibhekiswe kubani. I-DA izama ukwenza iWestern Cape isifundazwe samabhunu.”

UMasipala lona usebenzela izindawo ezihlanganisa iBela Vista, Ceres, Tulbagh neWolsely.

IMenenja kaMasipala waseWitzenberg uDavid Nasson noMnyango wezoHulumeni bazeKhaya bayaphenga ngalesi sehlakalo.

Iphoyisa alitholakalanga ngesikhathi lifonelwa, kuze lizophawula ngalolu daba.
 




 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 8-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 3-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-23°C Morning clouds. Mild. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...