Inkulu kakhulu ingcindezi - Igesund
2013-01-21 10:03
Durban - Umqeqeshi weBafana Bafana uGordon Igesund uthi inkulu kakhulu ingcindezi kubadlali bakhe njengoba beqhathaniswa nalabo abawina i-African Cup of Nations ngo-1996.
Ekhuluma ngeSonto eThekwini - nalapho leli qembu lizozinza khona kule midlalo emibili esele kuGroup A - u-Igesund uthe akumele nakancane isikwati samanje siqhathaniswe "nezinkakha" zika-1996.
IBafana
iqale le midlalo ngemiphumela edumazayo njengoba idlale ngokulingana ngomdlalo ongenamagoli neCape Verde eGoli ngoMgqibelo.
"Wonke umuntu ukhuluma ngesikwati sika-1996," kusho u-Igesund. "Abadlali bayakubona lokhu kanti futhi bafunda ngakho mihla namalanga nokudala enkulu ingcindezi le."
ULucas Radebe, Mark Fish, Neil Tovey noMark Williams baba yingxenye yesikwati sika-1996 esathatha lesi sicoco ngesikhathi le midlalo isingethwe yiNingizimu Afrika.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- AP