INingizimu Afrika ijabulela umbhedo - Umbono
2013-02-04 13:59
Durban - Ukaputeni weqembu lesizwe iBafana Bafana, uBongani Khumalo uthi iqembu liyabonga kakhulu ngokwesekwa okukhonjiswe yiNingizimu Afrika.
NgoMgqibelo iBafana idlale umdlalo wayo wokugcina, ikhishwa yiMali eMoses Mabhida, eThekwini.
Yize noma abaningi beyithulela isigqoko iBafana, uPhumlani Shabalala akaboni kanjalo, uthi abantu bajatshuliswa yize leze:
Iqiniso ukuthi akubona abadlali
abangamela izwe laba abakade bedlala, kwaKhune lona onconywayo kwayena uhlulekile, ngokubona
kwami.
INingizimu Afrika ithanda ukuziqhenya ngento engekho, uma
abadlali beqhubeka kanjena angeke siye kweyendebe yomhlaba.
Uma uzojabula udliwe uthi uzamile lokho akuyona
into ephathekayo - uma ungabheka emuva emdlalweni wendebe yomhlaba, sangena
ngoba nakhu umdlalo wabe udlalelwa kuleli, nakulokhu singene ngoba umdlalo ukuleli.
Sidlala kanjani kangcono sibe sisadliwa woNiger, Botswana, Ethopia?
Nimcoma ukudliwa
Aniboni ngani ukuthi kumele kukhethwe ngendlela elungile esikwateni,
kungani nahlala nincoma ukudliwa?
Abantu bancoma into engekho.
Mhlampe ngiphumile esandleni kodwa angeke nganeliswa
ukudliwa kweqembu.
Bheka lana – Yini eyenza iChiefs ingafuni ukudlala kwiCAF kodwa
ivume ukuthi abadlali bayo bagcwale khona kwi-Afcon?
Angeke ingane ivele igijime ingaqalanga ngokukhasa, angeke ifike
ku-matric ingaqalanga kuGrade 1.
Uma abadlali befuna ukwenza kahle kumele baqale baveze lokho
emidlalweni yeligi, kudlule kube yiCAF bese kuba yi-Afcon.
Akusikho ukuhlakanipha ukujabulela ukwehlulwa ekhaya phambi
kwezihlwele ezingaka, ngicela ningitshele igama eligcono engingabiza ngalo
abantu abajabulela lento.
Sithole kuphela u-25%
Emidlalweni emine esiyidlalile siwine owodwa kuphela, lokhu kusho ukuthi sithole u-25% ku-100%.
U-75% wonke bewungowethu namanye amazwe, abadllali bahlulwe wuSiyabonga Sangweni (odlala emuva), waba ngumdlali oshaye amagoli amaningi kwi-Afcon.
Yikuphi ukuzama abantu abakhuluma ngakho?
Ngelinye ilanga kuzokhanya, okwamanje cha kumnyama ebusweni benkawu.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24