Ibaphithanisile eyengane enengane - Imibono

2013-02-07 10:27

Cape Town - Sekuphume imibiko ethi intombazanyana, 9, yaseMexico ibelethe ingane yentombazane ngemuva kokukhuleliswa ngumfana, 17.

Kuthiwa le ngane ibineminyaka eyisishiyagalombili ubudala ngesikhathi ikhuleliswa ngumfana okumanje ugcwele amathafa, kusho izikhulu zendawo.

Izikhulu zithi zifuna umfana ngoba ingane le ididekile ayazi nokuthi lidumephi.

Abafundi beZindabaNews24 bayaphawula ngalolu daba:

UMusa Mavuso uthe: Kuyathusa ukuthi ingane eneminyaka eyisishiyagalolunye isingaba umama, kudingeka imithandazo.

UMpiloe Zondi uthe: Mina ngibona lokhu kungamanga akuhlaza.

UPhiwe Phelelanie Gumede uthe: Ukhulelwa kanjani umuntu oneminyaka eyisishiyagalolunye?

Kanti akukhulelwa yini umuntu osefike ezingeni lokuthomba, manje ingane encane angaka imitha kanjani?

Liyabhubha izwe!


UThobile D Shabangu uthe: Ukubhubha komhlaba lokhu, njengoba kwenzeka zonke lezi zinto kusho khona ukuthi sekuyiso leso sikhathi ekwakukhulunywa ngaso eBhayibhelini, izikhathi zokugcina.

Seliyabhubha, ukubhubha akusho ukuthi sizofa sonke ngesikhathi esisondwa kodwa libhubha ngezenzo ezenzakalayo kulesikhathi esiphila kuso.

Okholwayo akasale esekholwisisa, kuthi ongaziphethe kahle naye asale eseqhubeka, isikhathi sesiphelile.

Thethelela Nkosi isizwe sakho sidukile


UNonceba Ndovel
a uthe: Lokhu kungenzeka, ingane iyakwazi ukuthomba ineminyaka engu-8 ubudala.

UMlungisi Cebekhulu
uthe: Akusikho ukubhubha komhlaba lokhu, izingane zamanje zithomba zincane, ngaleso sizathu ingakwazi ukuthi ikhulelwe.





Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).




- News24

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Light rain early. Morning clouds. Mild. Pta: 14-27°C Showery. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 10-20°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-25°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. PE: 13-15°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...