IMeya ezinsolweni zokuxhaphaza umasipala

2013-01-18 08:30

Johannesburg - IMeya kaMasipala wase-OR Tambo e-Eastern Cape isolwa ngokubhubhudla imali yalo masipala ebalelwa emakhulwini ezinkulungwane ngokuqasha izimoto zikanokusho, ngokusho kombiko ngoLwesihlanu.

IMeya uDingaan Myolwa kuthiwa le mali uyisebenzise ngezinyanga ezimbili eqasha izimoto, ekhokhela amademeshe ezingozi nokubuyisela izimoto sekudlule isikhathi esibekiwe, kubika iDispatch Online.

Enye yezimoto eyaqashwa yiMercedes-Benz E300 eyaqashwa ngo-Okthoba 5 yabuyiselwa ngo-Okthoba 8 eThekwini.

Imininingwane yakwa-Avis Luxury Cars itshengisa ukuthi le moto yahamba ibanga elingu-1 080 km kwase kufakwa nenye imali ngaphezulu ngokulimala kwemoto nokuthi ibuyiswe sekudlule isikhathi, nokwaba ngu-R188 126.

Lokhu kwabiza umasipala isamba sika-R224 825.70.

Lezi zimoto ziqashwa nje umasipala unazo izimoto, okubalwa iMercedes Benz ML, Toyota Prado, namaMercedes-Benz E350 ababili namaveni amabili.

USotswebhu kulo mkhandlu uNolitha Ntobongwana uthe ubengazi ngalokhu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Showers late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Sunny. Warm. Bloem: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More clouds than sun. Mild. PE: 15-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...