I-SAHRC ikhala ngokuhlukunyezwa kwabantu abadala
2013-01-08 15:02
Johannesburg - AbakwaSA Human Rights Commission (SAHRC), sebekhulume bagxeka kambi izehlakalo zokuhlukunyezwa kwabantu abadala.
Uhulumeni kumele aqinisekise ukuthi uthatha izinyathelo ezinqala, aqinisekise ukuphepha kwabantu asebekhulile, kusho okhulumela abakwaSAHRC, u-Isaac Mangena, ngoLwesibili.
"Abantu asebekhulile baseNingiimu Afrika, kumele bavikelwe wumthetho. Kumele bakuthokozele ukuba yizaguga zakuleli, baphinde baphile bevikelwe yimithetho engaphansi kwesigaba i-Older Persons Act, kuMthethosisekelo," echaza.
"Kuncane okuyizinkomba zokuthi abantu abadala bavikelekile futhi bathokozile. Ukuhlukunyezwa kwabo kukhomba ubuthakathaka ababhekene nabo, phezu kokuthi kunomthetho ekumele ubavikele.”
Abakwa-SAHRC bathi isehlakalo sakamuva sokuhlukunyezwa kwabantu abadala, yileso sokuhlukunyezwa kukagogo wasePinetown, oneminyaka engu-84 ubudala.
Kuthiwa ugogo ushaywe wanaba, eshaywa yintsha ekade izombamba inkunzi emzini wakhe ngoKhisimusi.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).