Bayinqwaba ababulawa umphezulu kuleli
2013-02-13 16:50
Johannesburg - Bangaphezu kuka-260 abantu abashonayo kuleli laseNingizimu Afrika, unyaka nonyaka, bebulawa wumphezulu, kusho abakwaSA Weather Service, ngoLwesithathu.
Isangoma sezulu uPuseletso Mofokeng uthi lezi zibalo zithathwe kwabakwaStatistics SA, kanti zisuka kunyaka ka-1999 ziya ku-2007, la khona kwabikwa abantu abangu-2 375 ababulawa wumphezulu.
UMofokeng usho kanjena ngesikhathi ekhuluma esikoleni saseGoli, la khona abafundi ababili beshaywe wumbani.
Abafundi abahlanu abaneminyaka engu-16 ubudala baseProtea Glen Secondary, bashaywe wumbani ngesikhathi besendleleni bephuma esikoleni.
Oyedwa ulimale kambi.
Abanye abayisishiyagalolunye baseKing Edward VII School, bashaywe wumbani besemagcekeni esikole ngoLwesibili, ababili kubona balimale kanzinyana.
KwaZulu-Natal, nakhona kusale umphefumulo ngesikhathi kuhlasela izulu.
"Unyaka owaba nesibalo esiphansi kwaba ngu-2000, la khona kwashona abantu abangu-205 kuphela."
Izingozi eziningi zenzeka e-Eastern Cape, bese kulandela iKwaZulu-Natal.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).