Baqala ukumdayisisa umzimba ena-11

2013-01-23 12:04

Cape Town - Intombazane eneminyaka engu-14 ubudala, ebihlukunyezwa ngokocansi, yaqala ukuthengiselwa amadoda kuze izowathokozisa ngocansi, eminyakeni emithathu eyedlule.

Umkhuba lona kuthiwa wabe ewenziswa ngunina ngoba ehlose "ukudla" ngaye.

Umthombo wamaphoyisa uthi ingane yaqala ithengiselwa amadoda ngesikhathi ineminyaka engu-11 ubudala, unina eyithengisa ngo-R20.

Sekuboshwe udokotela waseKapa kanye namadoda amathathu aseMossel Bay, ekuthiwa bayathinteka kule ncithakalo.

Umshushisi uGeoffrey van Zyl utshele iNkantolo yeMantshi yaseKapa wathi ingane ineminyaka yenziwa isigqila socansi, ngaphambi kokuthi iphephandaba iDaily Voice, lidalule lolu daba.

Icala lingene enkantolo ngoLwesibili, abasolwa abahlanu bahlanganisa nomama wengane kanye nobaba wayo ongayizali.

Ubaba wengane ubhekene nelinye icala lokuyidlwengula.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News24

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-24°C High level clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 14-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...