Ayiphunyuzwe manje eyaseNkandla - Nxesi
2013-01-28 08:32
Pretoria - Akusetshenziswanga imali yomphakathi ngesikhathi kwakhiwa umuzi kaMengameli Jacob Zuma eNkandla, kusho abaphenyi boMbuso, embikweni ekuhloswe ngawo ukugoqa lolu daba oseluvuse umsindo omkhulu kuleli ngaphambi kokhetho lwangonyaka ozayo.
Lo mbiko uthe uhulumeni wasebenzisa imali engu-R206 million kwezokuphepha, nokuthiwa kwenziwa ngemuva kokuhlola isimo sokuthola izinsongo kukaZuma.
Osopolitiki abaphikisayo nabezindaba bathi uZuma wasebenzisa u-R250 million wemali yabakhokhi bentela ukulungisa umuzi wakhe oseNkandla, KwaZulu-Natal.
UNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi uThulas
Nxesi, nokunguye obehola uphenyo lwe“Nkandlagate”, uthe abukho ubufakazi obukhombisa ukuthi kwasetshenziswa imali yomphakathi emzini kaZuma.
Uthe lolu daba kumele luphele manje.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Reuters