Asifanele ama-iPads - Imeya
2013-02-27 14:05
Durban - Emizamweni yokuhambisana nobuchwepheshe, abakhokhi bentela kungenzeka maduze bakhokhele izindleko zamakhansela aseThekwini ukuze athole ama-Apple iPads.
NgoLwesibili, iMeya yeTheku uJames Nxumalo uthe uboleke i-iPad kuMgcinimafa wedolobha uKrish Kumar kulandela ukuhlazeka kwakhe ngokuba nguyena yedwa ongayiphethe emhlanganweni wezimeya.
Eminyakeni eyisishiyagalombili eyedlule, ngesikhathi amakhansela ethola ama-laptops, kwakungukuthi idolobha lifuna ukuyiyeka indaba yokusebenzisa uhlelo lokubhala yonke itno phansi emaphepheni, kuqhuba iThe Mercury.
Idolobha lasebenzisa u-R1.9 million ngokuthenga ama-laptops, kuhlanganisa nokukhokhelwa kwe-internet.
Kodwa ikhansela le-DA uTex Collins uthe ngoLwesibili ukufakwa kwama-laptops akusebenzanga futhi akulisizanga idolobha.
UNxumalo ngoLwesibili uthe ma-iPads angcono kunama-laptops.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24