Angase abekwe icala uProfessor

2013-02-25 10:06

Durban – Umculi we-kwaito ongaconsi phansi kwabaningi uMkhonzeni “Professor” Langa angase abekwe icala ngokuthushuka kumaMetroFM Music Awards eThekwini egqoke umfaniswano wamaphoyisa kamasipala, kubika iThe Mercury.

NgeSonto ntambama, amaphoyisa abesethole izinkonondo eziningi ngokufika kwalo mculi eswenke ngomfaniswano wamaphoyisa wawuqedela ngesigqoko.

Okhulumela amaphoyisa kaMasipala waseThekwini u-Eugene Msomi ukuqinisekisile ukuthi kukhona uphenyo oluqhubekayo.

“Amaphoyisa kamasipala asungulwa ngaphansi komthetho iSAPS Act. Uma kuyiqiniso ukuthi uProfessor ubegqoke umfaniswano wamaphoyisa, lokho kuyicala elibomvu. Ngisho noma kungathiwa ubenikezwe imvume, kuba nemibandela ethile,” kusho uMsomi.

Ngokomthetho weSAPS Act ka-1995 abantu abangewona amaphoyisa abavunyelwe ukugqoka umfaniswano ngaphandle uma benikezwe imvume yihhovisi lesifundazwe noma ngukhomishana wamaphoyisa kuzwelonke.

Uma kungenjalo angase abhekane nezinyanga ezine ejele noma ahlawuliswe.

Abatholakalanga abamele uProfessor ukuba baphawule.

Akukhona okokuqala lo mculi egqoka umfaniswano ohambelana nowombutho wezokuvikela kuleli, njengoba enza emcimbini wamaMTN SA Music Awards ngo-2011.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

Phawula kulolu daba
4 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Cool. Pta: 15-25°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 12-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-30°C Haze. Warm. PE: 15-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...