'Izinyoka' ziphazamise izitimela eTembisa

2012-02-20 09:31

Johannesburg - Amasela eba amakhebuli aphazamise ukusebenza kwezitimela emzileni ophakathi kweLeralla neTembisa e-East Rand, kusho izikhulu zePassenger Rail Authority of SA ngoMsombuluko.

"Omakhenikha bayazama ukuyilungisa le nkinga," kusho okhulumela iPrasa uTony Games.

Kuhlelwe amabhasi ukuze athuthe abagibeli, esho.

Izitimela eziphakathi kweLeralla neTembisa bezisebenzisa umzila owodwa ngenxa yokwebiwa kwamakhebuli, kuqhuba uGames.

"UMetrorail uxolisa kakhulu ngalokhu kuphazamiseka futhi ukhuthaza umphakathi ukuba ubike labo abeba amakhebuli eziteshini zamaphoyisa eziseduzane," esho.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Mostly sunny. Cool. Pta: 18-30°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 5-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...