Bakhishwa esibhedlela balahlwe besaqulekile
2013-02-07 16:29
Koltaka - Izindimbane zabesifazane baseNdiya abahlala ezindaweni ezihlaselwe wububha, kuthiwa bantshingwa ngaphandle kwezibhedlela uma odokotela sebeqede ukubahlinzela ukuvala inzalo.
Izikhulu zezempilo zithi abasifazane balahlwa bequlekile, ngenxa yokuthi izibhedlela zishoda ngemibhede yokubalalisa.
Umkhuba lona wande esifundeni iMalda, entshonalanga neWest Bengal, izikhulu zithi izibhedlela azinayo indawo eyanele ukuhlalisa umthamo omkhulu wabantu abagulayo.
Le nsambatheka ivele ngesikhathi isiteshi sikamabonakude i-NDTV, siveza owesifazane equlekile ekhishwa esibhedlela ethwelwe, wase elahlwa endaweni evulekile.
Izikhulu eMnyangweni zithi lokhu kuphambene nomthetho, kuzokwenziwa uphenyo.
“Bangaphezu kuka-100 omama abafikayo bephuma emiphakathini eswele, bezovala inzalo. Uma beqeda ukuhlinzwa odokotela bacela abantu abasizayo ukuthi babaqukule babakhiphele ngaphandle kwamagceke,” kusho uBiswa Ranjan Satpathi, ongumqondisi wezeMpilo eWest Bengal.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).