#ZumaBirthday: Kunandisa umaskandi emcimbini kaMengameli eKliptown

2017-04-12 18:01

Durban - Usuqalile umcimbi wokugubha usuku lukaMengameli Jacob Zuma lokuzalwa eKliptown, eSoweto, njengoba ehlanganisa iminyaka engu-75 yobudala.

Kugcwele kuvalwe ngomuntu emnyango kulo mcimbi njengoba abantu baphume ngobuningi babo ukuzofisela umengameli izilokotho ezinhle.

Umcimbi uvulwe ngomkhuleko, kwathi ngemuva kwawo kwadlalwa ama-video abantu abahlukahlukene besifela uMengameli usuku oluhle.

Kushukume inkundla sekungena uSithembiso Fakude odume ngelikaMroza eshaya umaskandi.

Uhluleke ukuzibamba umama uThobeka kaMadiba-Zuma ngesikhathi uMroza eshaya ingoma yakhe eyahlukanisa unyaka ethi Van Damme.

OLUNYE UDABA:Umsebenzi ofanele uZuma owokwelusa izinkomo - Malema

US'dumo Dlamini onguNobhala Jikelele weCosatu uthe mkhulu uZuma ngoba njalo uma kukhulunywa izindaba zakhe izulu liyana.

UDlamini uthe umfisela okuhle uMengameli futhi ufisa ukuthi aqine kulobu bunzima abhekene nabo kodwa akaqine futhi aqhubeke nokulwa nalezi zimo ezinzima.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More clouds than sun. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...