Zonke izilimi zizosetshenziswa ngokulingana - SABC

2016-06-09 10:01

Thohoyandou – Umphathi womsebenzi kwi-South African Broadcasting Corporation (SABC) uHlaudi Motsoeneng uthe zonke izilimi zizosetshenziswa ngokufana kuzo zonke iziteshi zale nkampani.

UMostoeneng  usho lokhu emcimbini obungaza ushintsho ekusebenzeni kweziteshi zakwa-SABC obubanjelwe eThohoyandou eLimpopo.

UMotsoeneng uthe ushintsho akuyona into okungaphikiswana ngayo, kodwa kumele lwenzeke.

OLUNYE UDABA:Abanenkinga ngesinqumo se-SABC abafake izikhalazo kwi-BCCSA -Motsoeneng

“Uma umsakazeli womphakathi ehluleka ukumela izilimi zabantu, lokhu kuzozenza zishabalale izilimi zethu.

“Kumele sikuqinisekise ukuthi izilimi zisetshenziswa ngokulingana kanti lolu shintsho luzokwenzeka kumabonakude kusukela ekuqaleni kwenyanga kaNtulikazi,”kusho yena.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Sunny. Mild. Pta: 7-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-18°C Morning clouds. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-23°C Sunny. Mild. PE: 8-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...