Zizothathwa izithombe uma kuqulwa elokubulawa kukasomabhizinisi

2016-11-10 16:00

Johannesburg - UMbuso ungazithatha izithombe kanye nama-video uma kuqulwa icala lokubulawa kukasomabhizinisi uWandile Bozwana.

Lezi zithombe zizoqhathaniswa ne-video yamakhamera etshengisa kuhlaselwa uBozwana.

UMbuso ufuna ukusebenzisa le video njengobufakazi obuzosiza ukugoqa amacala abekwe abasolwa abane.

Abasolwa abathathu kuleli cala, okubalwa kubo usomabhizinisi wasePitoli, babengafuni ukuba kuthathwe izithombe zabo ukuze zizoqhathaniswa nalezi zabasolwa abavela kumakhamera.

Umsolwa wesine yena omelwe ngummeli ohlukile akabanga nankinga nokuthathwa kwesithombe sakhe.

OLUNYE UDABA:Kudlule emhlabeni usomabhizinisi obedumile eThekwini

NgoLwesithathi inkantolo yasejele lasePitoli iKgosi Mampuru II Prison izwe ukuthi abasolwa abasenankinga nokuthathwa kwezithombe.

Umshushisi woMbuso uMatric Luphondo utshele inkantolo ukuthi njengoba sebevumelene nabameli babasolwa, lezi zithombe zizothathwa ngoLwesine bese ziqhathaniswa nobufakazi.

Lo mshushisi ucele ukuba icala lihlehliselwe umhlaka-30 kwephezulu ukuze uMbuso uzothola isikhathi esanele sokuqinisekisa uhlu lwamacala.

Ummeli omusha walaba basolwa abathathu, uNorman Makhubela, uthe lesi sivumelwano senziwe ngomgomo othi laba basolwa bangabekwa amanye amacala abangahle bavele kuwona uma sekuphuma lezi zithombe.

Laba basolwa baboshwa phakathi kukaNovemba wonyaka odlule kanye noJulayi wakulo nyaka kulandela ukuhlaselwa kwalo somabhizinisi owaqothwa ngenhlamvu esemarobhothini omgwaqo omkhulu u-N1.

UBozwana washonela esibhedlela ngenyanga ka-Okthoba ngonyaka odlule ngemuva kokudutshulwa amahlandla angu-9, kubika iSowetan.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...