Zizolungiswa ngo-R140m izikole ezilinyazwe yisiphepho

2018-01-07 18:08

Johannesburg -  Imali ezosetshenziswa ukulungisa umonakalo ezikoleni zaseGauteng odalwe yisiphepho sakamuva noma ezilinyazwe ngamaholidi izofinyelela ku-R140m, kusho uMnyango wezemfundo esifundazweni ngeSonto.

"Sihlole izikole kanti zizolungiswa kungekudala. Imali ezosetshenziswa ilinganiselwa ku-R140m," kusho uNgqongqoshe wezeMfyndo uPanyaza Lesufi esitatimendeni.

Izikole ezingu-29, ezingxenyeni zonke zesifundazwe, kwatholakala ukuthi zilinyazwe yisiphepho kanye ezinye ezine eTshwane, ezacekelwa phansi.

OLUNYE UDABA: Kutholakale isidumbu sikamama nezamadodana edamini

ULesufi uphinde wathi ngoLwesihlanu kugqekezwe kwashaywa onogada besikole eFreedom Park Secondary School.

Okhulumela uMnyango, uSteve Mabona, ngokuhamba kwesikhathi uthe onogada abathathu bebegade isikole ngesikhathi izigebengu zifuna ukweba impahla yesikole.

Uthe onogada ababili abalimalanga, kanti oyedwa ulimele futhi ungeniswe esibhedlela.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-26°C Morning clouds. Mild. PE: 12-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...