Zizimisele ngokuziphindiselela izigebengu ngokushona kukaChillies

2017-09-06 13:59

Durban - UNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal uMxolisi Kaunda ufunge wagomela ngokutshala amaphoyisa endaweni yaseMlazi ukuze ezoqapha isimo namuhla.

Kuzungeza umqhafazo oyisexwayiso ongaqinisekisiwe enkundleni yezokuxhumana iWhatsApp, othi izigebengu zizobe zigcwele ilokishi zivivile namuhla.

Lezi zinsolo kuthiwa zisuswe wukudlula emhlabeni kwesigelekeqe esidumile endaweni, uSandile "Chillies" Bhengu.

Ubulawe ngesikhathi kudutshulwana namaphoyisa ngoLwesithathu olwedlule ngemuva kokuthi etholakale nemoto eyebiwe yohlobo lweToyota Corolla.

OLUNYE UDABA:Zibulawa njengamaphela izigebengu eKZN

Kuthiwa uBhengu ubenguchwepheshe wokujamisa ama-tracker ezimotweni. Kuthiwa bekuthi labo asebenzisana nabo sebephuma ukuyoduna izimoto edolobheni, kube nguye obakhiphela ama-tracker kuzo.

Lo mqhafazo okuWhatsApp ufundeka kanje: "Kuwo wonke amadoda aseMlazi, izigebengu zizobe zihlome ngezibhamu kusukela ngoLwesithathu.

"Sizobe sivivile, sidubula siphinde sishise izimoto okubalwa kuzo ama-BMW, Corolla, Polo Vivo, Toyota Yaris, Mercedes Benz, Quantumn bese sivala ngeveni yamaphoyisa.

"Uma amaphoyisa ophiko lwe-Tactical Response Team (TRT) ezizwa enesibindi, angeza. Sizobe siwalindile. Lala ngoxolo sosha. Angeke siyeke ukweba izimoto."

UCaptain Nqobile Gwala, uthe abazi noma lo mqhafazo uliqiniso yini, nokuthi uvela kuphi.

"Nakuba kunjalo, sesengeze amanye amaphoyisa ukuba aqaphe isimo endaweni ukuqinisekisa ukuphepha kwezakhamuzi, uma kwenzeka ukuthi lo mqhafazo uliqiniso," kusho uGwala.

UKaunda uthe angeke bavume ukuthi izigebengu ziphathe izwe.

"Uma bezimisele ngokudala isiphithiphithi, thina njengamaphoyisa sizophindiselela ukuvikela izakhamuzi," kusho uKaunda.

Uthe kungenzeka bamise ngisho nenkonzo yesikhumbuzo kanjalo nomlindelo.

"Akusiyo inhloso yethu ukuhlukumeza umndeni, kodwa sizongenelela uma bengaqinisekisi ukuthi konke kwenzeka ngendlela eyamukelekile," kusho uKaunda.

- Daily Sun

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...