Uyavela owesilisa 'obambe inkunzi, wadlwengula' usomabhizinisi e-E Cape

2018-03-27 07:30

Johannesburg - Kuboshwe indoda ngemuva kokudutshulwa nokudlwengulwa kowesifazane ongusomabhizinisi, emzini wakhe ngaphandle kwaseHankey e-Eastern Cape ngempelasonto, kusho amaphoyisa ngoMsombuluko.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Gerda Swart uthe le ndoda, 30, iboshwe ngeSonto ebusuku.

USwart uthe lo wesifazane, 44, udutshulwe walimala ngesikhathi isigebengu sidubula siphindelela esicabheni esiyingilazi emzini wakhe sifuna ukungena ngaphakathi ebusuku ngoLwesihlanu.

Lo wesifazane ube esephoqwa ukuba ashayele kuyiwe kwi-ATM edolobheni kuyokhishwa imali.

OLUNYE UDABA:Usomabhizinisi washiswa amabele ebanjwa inkunzi

USwart uthe ngesikhathi le ndoda ikhipha imali, lo wesifazane ukwazi ukubuyela emotweni wayishaya yazula ebheke epulazini eliseduzane ukuze ezokwazi ukubikela amaphoyisa ngokumelhlele.

Ngokusho kwenhloko yezokuphepha kwi-AfriForum, u-Ian Cameron, lo wesifazane udlwengulwa ngesikhathi ehlaselwa, edlwengulwa ngamadoda ahlukene.

"Izingane zakhe beziboshwe izandla nezinyawo, abasolwa baphinde basabisa lo wesifazane ngokulimaza indodakazi yakhe. Lo wesifazane ucela abasolwa ukuba bayeke izingane zakhe ngemuva kokulimaza yena," esho.

UCameron uthe lo wesifazane akafunanga ukubuyela endlini yakhe ngemuva kwesigameko.

Umsolwa kulindeleke ukuba abuyele eNkantolo yeMantshi yaseHankey ngoLwesibili.

Umsolwa ubhekene namacala okuphanga, ukuzama ukubulala, ukudlwengula, ukukhomba ngesibhamu, ukushaya ngenhloso yokulimaza, ukweba nokuthumba.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...