Ziyalelwe ukuba zishiye phansi konke, ziphuthume eGauteng izikhulu ze-ANC

2018-02-09 12:31

Cape Town – Izikhulu ezikwi-Top 6 ye-ANC sezihoxisiwe emicimbini ebihlelwe yile nhlangano eKapa ngoLwesihlanu.

INews24 ithole ngemithombo yayo ethembekile ukuthi zonke lezi zikhulu zicelwe ukuba zibuyele eGauteng ngokushesha.

UMengameli we-ANC uCyril Ramaphosa phambilini uhoxile ohlelweni lomcimbi kanti bekulindeleke aqhubeke nokubamba umhlangano noMengameli wezwe, uJacob Zuma.

UNobhala we-ANC uWestern Cape, uFaiez Jacobs, naye ukuqinisekisile kwi-News24 ukuthi izikhulu ezikwiTop 6 ngeke zibe yingxenye yemicimbi eyandulela owokubungaza iminyaka eyikhulu kaNelson Mandela.

OLUNYE UDABA: UMthembu uchithe imibiko yokwesula kukaMengameli ngoMgqibelo

Uthe lezi zikhulu nokho zizoba yingxenye yerali ezoba seKapa ngeSonto.

NgoLwesine kumenyezelwe ukuthi usuhlehlisiwe umcimbi waminyaka yonke, Ubuntu Awards.

UMengameli Zuma bekulindeleke kube nguyena ohola lo mcimbi eCape Town International Convention Centre ngoMgqibelo.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...