Zivelile izithandani ezisolwa ngawokubulala nokudlwengula kuQumbu

2017-11-06 15:59

eMthatha - Owesilisa oneminyaka engu-28 ubudala obeheha izintombi esebenzisa uFacebook uvelile eNkantlo yeMantshi yaseMthatha, kubika iThe Citizen.

Lo mlisa uvele enkantolo ekanye nentombi yakhe ebebenza nayo le migilingwane yokuyenga abesimame bebhekene namacala okudlwengula, ukubulala nokutholakala nempahla eyebiwe.

Amaphoyisa abophe lezi zithandani ngoLwesihlanu kulandela uphenyo mayelana nokubulawa kanye nokudlwengulwa kwabesimame ezindaweni zase-Alice, eDuncan Village, eMthatha, eNtabankulu naseMount Fletcher.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Mzukisi Fatyela uthe laba basolwa ngamacala amaningi okudlwengula nokubulala kanti bebeyenga izisulu ngama-akhawunti okungewona ku-Facebook.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa athole umsolwa edla izicubu zowesimame oshonile, E.Cape

"Umsolwa ubeyenga izintombi kuFacebook bese ahlela ukuhlangana nazo kuQumbu ezithumela imali yokugibela," kusho uFatyela.

Uma sezifika kuQumbu izintombi, umsolwa ubenza izaba kuphethe ngokuthi azitshele ukuthi zizolandwa ngomunye umuntu, kufike yena ezenza lowo muntu ozozilanda aziyise enkundleni yezemidlalo yaseNgcalukeni lapho ayefike azidlwengule khona, kwesinye isikhathi azibulale.

Lo mlisa ubhekene namacala amathathu okubulala namane okudlwengula.

Amaphoyisa athola omakhalekhukhwini, izikhwama kanye nezimpahla zezisulu ekhaya lalo msolwa nentombi yakhe.

Intombi yona ibekwe icala lokutholakala nempahla eyebiwe.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-34 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...