Zishonile izingane ezine ezishe nomjondolo zilele eN West

2017-03-24 12:31

Johannesburg - Kushone izingane ezine emlilweni ngemuva kokusha komuzi ezihlala kuwo eMadibogo ngaphandle kwaseMahikeng, esifundazweni iNorth West.

Kushone izingane ezintathu zamantombazane neyomfana eyodwa eziphakathi kweminyaka engu-5 nengu-7 ubudala.

Lezi zingane zishe nendlu ngesikhathi zisalele.

OLUNYE UDABA: Kushe izingane zidlala esigujini sikagesi

Okhulumela amaphoyisa uPelonomi Makau uthe ingane yesihlanu eneminyaka engu-11 ubudala yomfana, yona ithole amanxeba okusha kanti isesibhedlela.

Amaphoyisa athi ngesikhathi sesigameko, lezi zingane bezishiywe zodwa.

Kuthiwa umama wezingane ezimbili ezishone kulesi sigameko ubekamakhelwane eyobuka umabonakude ngesikhathi kwehla lo mshophi.

 - SABC

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Heavy rain late. Mostly cloudy. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-24°C Sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-27°C Sunny. Warm. PE: 12-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...