Zisesitokisini izithandani ezasizana ngokudlwengula intombazane, 14

2017-02-04 13:37

Gweru – Kubikwa ukuthi amaphoyisa aseZimbabwe abophe izithandani ngezinsolo zokuthumba intombazane, 14, ngaphambi kokuba owesifazane alekelele umynei wakhe ngokuyibamba izandla ngesikhathi eyidlwengula.

Lesi sigameko senzeka ngomhlaka-25 Januwari.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe umama owashadisa indodakazi, 15, nendoda ena-40

Ngokusho kwephephandaba iChronicle, uPhilemon Moyo Tauze, 30, nenkosikazi yakhe uNetsai Sibanda, 25, bavele ngaphambi kwenkantolo yaseGweru ngamacala okuthumba nokudlwengula.

Lezi zithandani zaseMhike village eZvishavane ziliphikile icala.

Icala lalezi zithandani lizobuyela enkantolo ngomhlaka-13 Febhuwari janti zona zigcinwe esitokisini.

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

 

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Drizzle. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...