Zisale dengwane iziqashi omastende bethola imixhaso

2016-09-08 10:06

Johannesburg - Zisale dengwane iziqashi ngesikhathi abanikazi bemizi bethola izindlu zomxhaso.

Izakhamuzi zase-Elias Motsoaledi, ngaseChris Hani Baragwanath Hospital eSoweto, zithi uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu ubathembise izimoto ezizothutha impahla yazo, kodwa ‘dololo.’

UPalesa Mokoena,25, ungesinye sezakhamuzi ezisale dengwane. Kanti uthi bahlale ubusuku bonke kumakhaza nezingane emgwaqeni.

Bangaphezulu kwabangu-50 abantu abasale dengwane.

UPalesa uthi iningi labantu beliqashe ngemuva kwemizi yabanye abantu iminyaka eyishumi.

Funda nalolu daba: Owesilisa ubulawelwe ibhodlela likabhiya

“Ngesikhathi abanikazi bemizi bethutha, sithenjiswe ukuthi nathi sizosizwa ngemoto ezosithuthisa.”

“Kuhambe kuqale labo ebebenezindlu, kodwa iveni isibuya satshelwa ukuthi sizozibonela.”

“Ngigcine ngilale eceleni komgwaqo.”

UMnyango uyakuphika ukuthi uhlinzeke abanye abantu ngemoto ethuthe izimpahla zabo.

  

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Daily Sun

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...