Ziphuthunyiswe esibhedlela izithandani ezitinyelwe izinyosi

2018-01-14 14:03

Johannesburg -  Indoda nonkosikazi yayo baphuthunyiswe esibhedlea ngemuva kokutinyelwa yizinyosi ngesikhathi zibahlasela eWitpoortjie eRoodepoort, eGoli ngoMgqibelo ntambama, kusho abosizo lokuqala.

"Kukholakala ukuthi indoda eneminyaka ebalelwa kweko-50 ubudala ibisika utshani ihlaselwa izinyosi ngaphandle kwasemzini wawo," kusho u-Annine Siddall, okhulumela i-ER24.

OLUNYE UDABA:Izinyosi zitinyele izaguga ekhaya labadala eThekwini

"Unkosikazi wayo ube esebona ukuthi umyeni wakhe usenkingeni, naye zamtinyela ngesikhathi ezama ukusiza umyeni wakhe. Abosizo lokuqala baqale balapha lezi zithandani endaweni yesigameko ngaphambi kokuziphuthumisa esibhedlela ziyoqhubeka nokwelashwa.

"Abosizo lokuqala i-ER24, nabo bancinzwe yizinyosi ngesikhathi belapha izithandani. Bona abazange balashelwe ukuncinzwa izinyosi kulandela isehlakalo," kusho uSiddall.

– African News Agency (ANA)

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...