Ziphazamisekile izigebengu ebezizama ukubamba i-ATM eMtuba

2017-12-29 19:30

EMtubatuba - Azihambanga kahle izigebengu ebezizama ukugebenga ibhange lwakwaCapitec edolobheni laseMtubatuba.

Lezi zigebengu bezihlome ziyizingovolo zizama ukugebenga i-ATM kodwa zaphazanyiswa wukubona amaphoyisa abehamba ehlola isimo kule ndawo.

Amaphoyisa ahlangane nowesilisa eceleni komgwaqo owatshele ukuthi awajike, kodwa aqhubeka, wase evulela ngenhlamvu lo mlisa ebhekise kuwo.

OLUNYE UDABA:Bangu-260 asebeboshiwe kula maholidi eN Cape

Amaphoyisa nawo aphendule ngenhlamvu acela usizo kozakwabo ukuba abazolekelela.

Kukholakala ukuthi lo mlisa uyingxenye yalaba abebezogebenga ngesikhathi bephazamiseka.

Abasolwa bakwazile ukubaleka, kubika iZululand Observer.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...