Zingumbhedo izizathu angixoshele zona uZuma - Gordhan

2017-03-31 16:03

Johannesburg – Lowo obenguNgqongqoshe weziMali uPravin Gordan uthi isinqumo sikaMengameli Jacob Zuma sokuxosha yena kanye nephini lakhe ngombiko okuthiwa owezobunhloli, singumbhedo.

UGordhan noJonas babenesithangami sabezindaba ePitoli, kulandela isinqumo sikaZuma sokwenza izinguquko kwiKhabhinethi.

UGordhan nephini lakhe bangabanye bongqongqoshe abayisikhombisa kanye namaphini axoshwe nguMengameli.

OLUNYE UDABA: Omunye umsakazi wodumo oshiya isiteshi

UGordhan uthi iwumbhedo indaba yombiko.

UGordhan ebuzwa ukuthi uzovota kanjani ngesiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bukaMengameli, uthe: “ Ngizolawulwa unembeza wami uma lokho sekwenzeka. Ngiyethemba ukuthi ngizokwenza okufanele, noma ngabe yikuphi lokho.

UGordhan uthe akekho noyedwa oyoshintsha umsebenzi yena kanye nephini lakhe abawenzile ehhovisi likaMgcinimafa.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...