Zimkhalele umshayeli wamatekisi 'ogwaze wabulala omunye' erenki

2017-11-27 16:00

Johannesburg – Kuboshwe umshayeli wamatekisi oneminyaka engu-42 ubudala, wathweswa icala lokubulala, ngemuva kwezinsolo zokugwaza abulale omunye umshayeli erenki yamatekisi eFaraday eGoli ngempelasonto, kusho amaphoyisa ngoMsombuluko.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Xoli Mbele uthe isigameko senzeke ekhoneni lomgwaqo uGrahamstown noVon Wielligh eGoli ngezithuba zabo-16:00 ngeSonto.

OLUNYE UDABA: Ubulale ingoduso wayifihla ehlathini

UMbele uthe umshayeli wamatekisi kuthiwa ukhiphe ummese wagwaza oneminyaka engu-38 ubudala emzimbeni ngemuva kwengxabano.

Isisulu sishonele khona lapho endaweni yesigameko.

Umsolwa kulindeleke avele eNkantolo kaMantshi eGoli ngoMsombuluko ngecala lokubulala.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...