Zimkhalele ozame ukubheca i-ex yentombi yakhe ngecala lokubulala

2017-11-11 13:33

Gauteng – Owesilisa ozame ukubheca owayeyisoka lentombi yakhe ngecala lokufa kwayo, zimkhalele wathweswa icala lokubulala kanti futhi uzobhakana nelokuqamba amanga.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Kay Makhubele uthi owesilisa oneminyaka engu-26 ubudala uwatshele ukuthi wayehamba nentombi yakhe eneminyaka engu-25 ubudala e-Ivory Park, ngesikhathi begibela emotweni eyayibheke eMidrand ihamba owesilisa owathi wayethandana nalona wesifazane.

UMakhubele uthi ngokusho kowesilisa bobabili -owesilisa nentombi yakhe - bangena emotweni, kodwa ibayise eMidrand, imoto yajika, yaya esigangeni esingase-Allandale Trading kuModderfontein Road.

OLUNYE UDABA: UMbalula ugxeke ukubanjwa kwenkunzi kwabezimo eziphuthumayo

UMakhubele uthi isoka lithi lakhonjwa ngesibhamu laphoqwa ukuba libukele kugwazwa kubulawa intombi yalo. 

Uthe owesilisa wathi yena wayekelwa wahamba, wabe eseya emaphoyiseni eyobika ngesigameko, ngemva kwalokho wayowakhombisa amaphoyisa lapho kukhona isidumbu.

Amaphoyisa apheka ngemibuzo isoka, ngokuhamba kwesikhathi lavuma ukuthi liyathinteka ekufeni kwentombi yalo, kusho uMakhubele.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...