Zimkhalele owadlwengula owesifazane waqeda walala

2017-11-14 16:00

King William's Town - Indoda eneminyaka engu-22 ubudala eboshwe namuhla (ngoLwesibili) ekuseni ngovivi ngemuva kwezinsolo zokudlwengula owesifazane, 29, yabe isinqotshwa wubuthongo.

Esitatimendeni sangoLwesibili, amaphoyisa aseWillow athe isisulu sasinesoka laso ngesikhathi amadoda amabili ayehlome ngemimese ekhahlela isicabha emzini oseGojela, eQora Village, eWillowvale.

OLUNYE UDABA:Kudlwengulwe owesifazane esindisa indodakazi yakhe

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Jackson Manatha uthe: "Isoka lalo wesifazane lagxoshwa endlini, umsolwa wahamba nesissulu kuyiwa endlini yaso lapho okusolwa ukuthi wasidlwengulela khona."

Ngesikhathi umsolwa ezumekile, isisulu sabaleka sayofuna usizo.

UManatha uthe amalungu omphakathi athola umsolwa elele obude ubuthongo.

Banikela ngomsolwa emaphoyiseni aseWillowvale waboshwa.

Umsolwa ulindeleke ukuba avele ngoLwesine eNkantolo yeMantshi yaseWillowvale ngecala lokudlwengula.


 - African News Agency

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...