Zimkhalele osolwa ngokudubula intombi

2017-12-25 11:27

Port Elizabeth  - Indoda eneminyaka engu-27 ubudala okukholakala ukuthi ibisanda kuphuma ejele iSt Albans ePort Elizabeth isiboshiwe ngemuva kwezinsolo zokudubula intombi yayo imilenze nasenqulwini, kusho amaphoyisa ngeSonto.

Iboshwe ngemuva kwezithuba zabo-13:00 ngeSonto ngokuzama ukubulala, kusho uCaptain Andre Beetge.

UBeeget uthe kudutshulwe owesifazane ngoMgqibelo ebusuku kubo kuMshakaza Street Kwazakele.

OLUNYE UDABA:Ujele udubule intombi amahlandla amahlanu

"Isisulu kukholakala ukuthi siyintombi yomsolwa kanti futhi kusolwa ukuthi isigameko sihlobene nodlame lwasekhaya."

Nakuba imbangela yomsolwa yokuhlasela isaphenya, umsolwa kukholakala ukithi ubesanda kuphuma ejele iSt Albans lapho abeboshwe khona ngokubandakanyeka emacaleni ahlukene okubalwa wlokuphanga nokuduna kusukela ngo-2009," kusho uBeegte.

Amacala amaningi abebhekene nale ndoda asehoxisiwe kanti amanye asasenkantolo, kusho uBeegte.

"Umsolwa uzovela phambi kweNkantolo yeMantshi yaseNew Brighton ngomhlaka-27 Novemba ngecala lokuzama ukubulala. Uphenyo kuleli cala luyaqhubeka," kuqhuba uBeegte.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-24°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...