Zimkhalele osolwa ngokudlwengula izitshudeni ezimbili enyuvesi

2017-10-05 07:01

Port Elizabeth – Kuboshwe umsolwa oneminyaka engu-29 ubudala mayelana nesigameko sokudlwengula nokushaywa kwezitshudeni ezimbili eNelson Mandela University ngoMsombuluko ebusuku.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Priscilla Naidu uthe le ndoda iboshwe kuGovan Mbeki Avenue ngabo-15:00 ngoLwesithathu.

UNaidu uthe amaphoyisa ophiko lweFamily Violence, Child Protection and Sexual Offences abesebenza ngokuzikhandla kusukela kwenzeka lesi sigameko, kanti abelandela imikhondo okuyiyo eholele ekuboshweni kwale ndoda.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe owayenguthishanhloko ngelokudlwengula umfundi

Amakhamera e-CCTV aqopha i-video ebizungeza ezinkundleni zokuxhumana itshengisa owesilisa egqoke ijakhethi e-orange nogawini okhanyayo. Kwesinye isithombe ubonakala sengathi ufasa izinkinobho zebhulukwe, kuthi kwesinye ubonakala ephuma e-computer lab, evula isicabha egqoke amagilavu.

“Lolu phiko lusizwa amaphoyisa asemoyeni, abophe umsolwa kuGovan Mbeki Avenue, ephethe i-computer eyebiwe kanye nomakhalekhukhwini wesisulu," esho.

UNaidu uqhube ngokuthi le ndoda kusolakala ukuthi ibesendleleni iyodayisa le computer ngesikhathi ikhalelwa ngamasongo kaSigonyela.

Lo msolwa kulindeleke ukuba avele enkantolo ngoLwesihlanu ngecala lokudlwengula nokushaya ngenhloso yokulimaza.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...