Zimkhalele osolwa ngokudlwengula isalukazi

2018-04-15 14:06

Kimberley – Amaphoyisa aseSunrise eDe Aar abophe owesilisa oneminyaka engu-20 ubudala ngecala lokudlwengula, kusho amaphoyisa eNorthern Cape ngeSonto.

Kuthiwa ngoMgqibelo umsolwa ungene emzini wesalukazi esineminyaka engu-60 ubudala, wahamba naso waya endlini engasahlali muntu ngaphesheya komgwaqo nokuyilapho esidlwengulele khona, kusho uLt-Col Dimakatso Mooi.

"Isisulu kuthiwa sihayizile, kwaphuma omakhelwane bezosisiza, kwaboshwa umsolwa.

“Kulindeleke avele eNkantolo kaMantshi eDe Aar [ngoMsombuluko] ngecala lokudlwengula," kusho uMooi.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe imeya kuMasipala iNgquza Hill

Kwesinye isigameko, owesilisa oneminyaka engu-23 ubudala uboshiwe ngoMgqibelo ngezinsolo zokubulala umfowabo oneminyaka engu-28 ubudala.

"Ngokwemininingwane, abesilisa bebelwa emini, ngokuhamba kosuku kwatholakala omunye eseshonile embhedeni.”

Umsolwa kulindeleke avele enkantolo kungekudala ngecala lokubulala.

Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka, kusho uMooi.

 - IOL

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...