Zimkhalele ohluleke ukumisa imoto washayisa iphoyisa

2017-01-12 08:00

Johannesburg – Umshayeli wemoto uboshiwe ngokushayisa iphoyisa likamasipala waseGoli enkabeni yedolobha ngoLwesithathu, kusho okhulumela amaphoyisa.

Amaphoyisa abemisa aphinde aseshe izimoto kuKlein Street ngezithuba zabo-15:00 ngesikhathi umshayeli ehluleka ukuma, walimaza iphoyisa, kusho okhulumela amaphoyisa kumasipala waseGoli uChief Superintendent Wayne Minnaar.

Amaphoyisa abophe umshayeli.

OLUNYE UDABA: Abezimo eziphuthumayo bamatasa babhula umlilo eSimon's Town

Itekisi abehamba ngayo engakulungele ukuba semgwaqeni iboshiwe kwathathwa nezincwadi zayo, kusho uMinnaar.

Umshayeli uthweswe icala lokushayela budedengu nokushayela imoto engakulungele ukuba semgwaqeni.

Iphoyisa elineminyaka engu-39 ubudala lingeniswe eMilpark Hospital.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...