Zimkhalele ogwaze wabulala omunye ethaveni

2017-12-09 13:49

Mthatha – Owesilisa wase-Eastern Cape uboshiwe ngecala lokubulala omunye kulandela ingxabano ebisethaveni eWillowvale, kusho amaphoyisa ase-Eastern ngoMgqibelo.

Ngokusho kukaCaptain Jackson Manatha, abesilisa ababili babenengxabano ethaveni eseMadamini, eTywaka Village ngoLwesihlanu ngabo-20:30.

Ingxabano iholele ekugwazweni kowesilisa oneminyaka engu-23 ubudala emzimbeni, wafa ujuqu, kusho uManatha.

OLUNYE UDABA: Umshayeli wetekisi udutshulwe wabulawa ngumgibeli

Owesilisa oneminyaka engu-26 ubudala uboshiwe ngemuva kwesigameko sokugwaza.

Umsolwa kulindeleke avele eNkantolo kaMantshi eWillowvale ngoMsombuluko ngecala lokubulala.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...