Zimkhalele obulale umakhelwane 'wamumunca igazi'

2017-04-19 11:03

Johannebsurg - Amaphoyisa aseZaaiplaas ngaphandle kwaseGroblesdal asebophe indoda eneminyaka engu-30 ubudala ngokubulala umakhelwane wayo, kubika iReview Online.

Ngokusho kwesitatimende esikhishwe ngokhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Moatshe Ngoepe, isigameko senzeke eZaaiplaas ngezithuba zabo-07:00 ngoLwesibili ekuseni.

OLUNYE UDABA:Usesimweni esibucayi ogencwe nguyise ngembazo

"Kusolwa ukuthi umuntu obedlula ngendlela ubone umsolwa ematasa egenca owesifazane oneminyaka engu-39 ubudala ngesikhali esithile waqeda wamunca igazi emzimbeni kamufi," kusho uNgoepe.

Amaphoyisa aphuthume endaweni yesigameko ngemuva kokubikelwa ngalesi sehlakalo, afica umsolwa esayiphethe ngesandla imbazo, waboshwa.

"Ofakazi bathi bonke labo abathintekile, okubalwa kubo izingane zikamufi, bathola ukwelulekwa yiziphathimandla zendawo ngokomqondo."

Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaseZaaiplaas maduze.

Amaphoyisa asaqhubeka nophenyo.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 



- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Drizzle. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...