Zimkhalele obeqola amakhasimende eRestaurant

2016-10-07 08:29

Cape Town - Amaphoyisa ophiko loKlebe abophe osebenza endaweni yokudlela eHopefield, eWestern Cape, ngezinsolo zokusebenzisa umshini wamakhadi asebhange ongekho emthethweni ukuqola amakhasimende akhokha ngamakhadi.

Lesi sebenzi siboshwa ngemuva kokuba inqwaba yabantu ibibika ngalomkhonyovu ezinyangeni ezimbili ezedlule, izisulu zilahlekelwa yimali yazo njalo uma zivakashele kule ndawo yokudlela, kusho okhulumela oKlebe uCaptain Lloyd Ramovha.

OLUNYE UDABA: Kufunwa oqole ubaba wakhe impesheni

"Uphenyo olube yimpumelelo lubaholele ukuthi kuboshwe umuntu odabuka eZimbabwe okukholakala ukuthi nguye obeqhuba lo mkhonyovu," kusho uRamovha eqhuba.

"Umsolwa utholakale nomshini wamakhadi kanye namakhadi asebhange amabili.

"Umsolwa ulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseHopefield namuhla (ngoLwesihlanu) ngecala lokwephula i-Electronic Communication Act," kusho uRamovha.

 - TMG Digital

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...