Zimkahlele 'obesebenzisa izingane ukuthengisa izidakamizwa'

2017-04-21 14:01

Johannesburg – Owesilisa ochazwe “njengomdayisi wezidakamizwa obefunwa uthuli” eLenasia, eningizimu yeGoli, ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela, kusho amaphoyisa aseGauteng ngoLwesihlanu.

Izakhamuzi zahlaba ikhwelo zikhala ngale ndoda, 34, okuthiwa isebenzisa abafanyana abasebancane basendaweni ukuba bayidayisele izidakamizwa, kusho uCaptain Mavela Masondo.

Kube sekulandelwa umkhondo yatholakala emzini okhona kule ndawo, kanti kuthe uma iboshwa kwatholakala izidakamizwa okubalwa kuzo iMandrax, Chrystal Meth, ne-CAT (methcathinone).

OLUNYE UDABA: Odla izidakamizwa usola uhulumeni ngokucwila kuzo

UMasondo uthe kuphinde kwaboshwa abanye abantu abasebenzela umsolwa ngemuva kokutholakala nezidakamizwa kuwo lo muzi.

Uphenyo lokuqala lutshengisa ukuthi le ndoda ibifunelwa ukuphatha isibhamu esingekho emthethweni ngamaphoyisa ase-Eldorado Park.

"Amaphoyisa athanda ukubonga umphakathi ngokusebenzisana nawo ekuvezeni obala izigebengu,” kusho uMasondo.

Ababoshiwe bazovela eNkantolo yeMantshi yaseLenasia kungekudala ngamacala abandakanya izidakamizwa.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-16°C Sunny. Cool. Pta: 7-22°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 4-20°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 3-19°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 15-23°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...