Zilale zibaliwe iziboshwa ezinhlanu kweziyisithupha ezeqa ejele ngeSonto

2018-03-13 09:30

Cape Town – Zilale zibaliwe iziboshwa ezinhlanu kweziyisithupha ezeqe ejele lasePollsmoor Correctional Centre ngeSonto ebusuku.

Lokhu kuqinisekiswe wumnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo ngoMsombuluko ekuseni.

Lo mnyango ukhiphe isitatimende emini ngoMsombuluko uveza ukuthi benza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi ziyabanjwa lezi ziboshwa ezeqile.

Kuthe kulalwa ngoMsombuluko, bese kushoda isiboshwa esisodwa esingakabanjwa.

OLUNYE UDABA: Sekubanjwe iziboshwa ezintathu kweziyisithupha ezeqe ejele

Lesi siboshwa esinguSiphenathi Ntansiso, 20, sisuka endaweni yaseKraaifontein namanje kasikatholakali.

USingabakho Nxumalo okhulumela lo mnyango utshele abeNews24 ngoMsombuluko ebusuku ukuthi iziboshwa ezinhlanu ezibanjiwe zitholakale eKalksteenfontein, Blackheath nase-Ocean View.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...