Zikhishwe kukubi iziguli kusha isibhedlela eKapa

2018-02-10 11:04

eKapa - Kudingeke ukuba kukhishwe iziguli ngokuphazima kweso ngesikhathi kusha isibhedlela saseKapa ngoMgqibelo.

Kuthiwa umlilo uqala ukubonakala ophahleni lwalesi sibhedlela.

Okhulumela uMnyango wezoMlilo kanye nezimo eziPhuthumayo edolobheni laseKapa uTheo Layne‚ uthe abasebenzi baseMitchells Plain District Hospital baphuthume bakhipha iziguli ngaphambi kokuba kufike abezicisha mlilo ekuseni ngo-07h30.

OLUNYE UDABA:Kulimale owezicishamlilo ebhula umlilo eW Cape

Umlilo uqale ohlangothini lwabakhungatheke kakhulu, kodwa izicishamlilo zikwazile ukuwunqanda ungabhebhetheki kakhulu.

"Imbangela yomlilo kayaziwa okwamanje kodwa abezicishamlilo basahlola isimo. Zonke iziguli kanye nabasebenzi bakwazile ukuphuma isimo singakabi sibi kakhulu,"kusho yena.


- Times Live

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...