Zigwetshiwe izithandani ezinomtholampilo wokuhushula izisu eThekwini

2018-03-09 16:01

eThekwini - IMantshi uPrem Singh igwebe uthisha odabuka kwelase-Uganda u-Ahmed Katabazi kanye nomkakhe ongowakuleli uBuyisiwe Sosibo, kubika iNewswatch.

Laba bashadikazi bagwetshwe iminyaka emihlanu bebhadla ejele ngokwephula umthetho iChoice on Termination of Pregnancy Act. 

UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uSibongiseni Dhlomo usamukelile lesi sgwebo.

"Siyathemba ukuthi lesi sigwebo sizodlulisa umlayezo oqinile nakulabo abazibiza ngezazi kulolu daba. Abasizi bezempilo abaqeqeshiwe kuphela abakwaziyo ukuqhuba lo msebenzi esikhungweni sezempilo," kusho uDlomo.

UDlomo uthe uMnyango wakhe unomkhankaso wokuqwashiwa umphakathi ngobungozi bokuhushula izisu emitholampilo engekho emthethweni futhi iyabonakala imiphumela yalo mkhankaso.

OLUNYE UDABA:Uzovela obhekene nelokubulala wesimame owatholakala ebhuthini

"Selokhu saqala lo mkhankaso, sesehle kakhulu isibalo sabantu abaya kulabo dokotela mbumbulu," esho.

Laba bashadikazi baboshwa ngemuva kophenyo olwenziwa lapho ababeqhuba khona umsebenzi emgwaqeni uDr Pixley KaSeme eThekwini ngoDisemba.

Ngesikhathi amaphoyisa egasela kule ndawo, athola imishanguzo eminingi eyenza abakhulelwe basikwe ngokushesha, kanye namanye amathuluzi asetshenziswa uma kuhushulwa izisu.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...