Zigwetshiwe izithandani ezawaka abantu izigidi ngohlelo 'lwebhanoyi'

2017-09-22 15:59

Cape Town – Izithandani zaseKapa ebeziwaka abantu "ngebhanoyi" lika-R278m bagwetshwe ngemuva kokulahlwa yicala lokukhwabanisa nokuphambana nomthetho iBanks Act, kusho oKlebe ngoLwesihlanu.

UGraeme Minnes, 54, ugwetshwe iminyaka engu-15 esejele kwathi unkosikazi wakhe uCarolina, 52, wagwetshwa iminyaka emithathu okuyisigwebo azosidonsela kwakhe, kusho uCaptain Lloyd Ramovha.

Bagwetshwe ngoLwesine yiNkantolo yesiFunda yaseThembalethu kulandela uphenyo olunzulu kusukela baboshwa ngo-2009, kusho uRamovha.

Lezi zithandani kuthiwa zaqola izisulu phakathi kukaSepthemba 2002 kanye noNovemba 2009 ekutheni zilondoloze imali esukela ku-R100 000, bezithembisa inzalo enkulu ngohlelo lweForex, esho.

OLUNYE UDABA: Ogilwe u-MMM uxwayisa ngomkhankaso omusha namaqhinga amasha

"Izisulu zathenjiswa inzalo engafinyelela ku-65% ngonyaka," esho.

URamovha uthe laba baqoqa imali ebalelwa ku-R278m kubantu abangu-934 kepha lezi zithandani zafaka u-R5m kuphela kwiForex, nawo wacwila.

"Njengokohlelo lwebhanoyi, bazama ukukhokhela ababakweletayo besebenzisa imali yabasanda kujoyina," esho.

Lowo oyibamba leNhloko yoKlebe eWestern Cape, uBrigadier Neil Oliver, uthe ukugwetshwa kwalezi zithandani kumele kube yisifundo kwabanye.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...